Lapho umuntu ethola ingeniso okumele likhokhele intela kodwa elingadonselwa intela ye-SITE noma ye-PAYE , kumele akhokhele intela yesikhashana ngaleli ngeniso. Intela yesikhashana yenziwa njalo ezinyangeni eziyisithupha.
Intela yesikhashana inenhloso yokusiza abakhokhi bentela ukuhlangabezana nezibopho zabo zentela ngokuqhubekela phambili kunokuthi bakhokhe isamba esikhulu kanye ngonyaka lapho kuhlolwa inani lentela okumele ikhokhekhelwe. Intela yesikhashana izokhokhelwa ukwehlisa inani okumele likhokhelwe kunani lilonke lengeniso leyo okumele ikhokhelwe ngumuntu siqu kulowo nyaka wezimali ofanele wokukhokhwa kwentela.
Umuntu okumele akhokhele intela yesikhashana , kumele kuthi kungakapheli izinsuku ezingu-30 ngemuva kokuba efanele ayikhokhe, enze isicelo ngokubhala, isicelo sobhaliso ehhovisi legatsha labe-South African Revenue Service . Ukuhluleka ukwenza njalo, kuyoba nomphumela wokukhokhiswa inzalo kanye nama-penalty ngokukhokha sekwedlule isikhathi, kanye nenye futhi intela engezelelwe ehambisana namafomu okukhokhelwa kwentela ngokukhokha kamuva sekwedlule isikhathi.
Usuku okumele kukhokhwe ngalo intela yesikhashana kwisikhathi sokuqala kwenziwa kungakapheli izinyanga eziyisithupha ukusukela onyakeni wokuhlolwa kwezimali zentela. Intela yesikhashana yokuqala kumele imele inani elinguhafu wentela okumele ikhokhelwe kunyaka wonke.
uhafu wentela iyonke kunyaka ophelele ususe intela yomsebenzi edonsiwe kulesi sikhathi ususe noma yini enye imali yentela yangaphandle evunyelwe kulesi sikhathi.
Khokha lemali kwifomu lokukhokhela intela le-IRP6, ngosuku noma ngaphambi kosuku olubekelwe ukukhokha. Abe-SARS bazothumela abakhokhe bentela yesikhashana ababhalisile amafomu afanele.
imali yentela yokwesikhashana ingakhokhwa ehhovisi lomnyango wezentela eliseduzane, kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kwehora lesishiyagalombili ekuseni, nehora lesithathu maseligamenxe entambama ngaphandle kwezinsuku ezingamaholide omphakathi.
uma ngabe abantu bakhokhe ngokuyiposa imali noma bayifake ebhange, kufanele bakhumbule ukuthi bazinikeze isikhathi sokuhamba kweposi noma ukusetshenzwa kwezimali ezifakwe ebhange.
umangabe imali ithunyelwe nge Computer, kufanele abantu bakhumbule ukuthi ibhange linesikathi elijuba usuku ngalo kanti futhi lidinga isikhathi sokuhlola ukuthi ngabe lomuntu othumela imali unayo yini lemali ebhange, loko kungathatha izinsuku ezimbili kuya kwezinhlanu.
inombolo yomthelo ethi uma iphelele ibe nezinombolwana eziyishumi neshiyagalolunye inombolo okuzokuthi uma lemali ingena iye kuyona, loku kusho iakhawunti ezokwemukela lemali engenayo.
Yonke imali ekhokhwayo ingavumelani noma ingahambelani naloku okulotshiwe ngaphezulu, ngokwenombolo yomthelo kanye nenombolo yeakhawunti emukelayo, ayingeke imukeleke.
Uma usuku lokugcina lokukhokha lufika kuyiholide noma kuyimpela-sonto, kufanele abantu bakhokhe ngosuku lokugcina lokusebenza olungaphambi kwe holide noma impela-sonto. Uma ufuna ulwazi olunzulu yiya kuwebsite yakwa SARS ethi www.sars.gov.
Amafomu e-IRP 6 kwisikhathi sokuqala kumele afakelwe, ngisho noma ngokubona kwakho kungekho intela yesikhashana okumele ikhokhelwe.
Uma ukukhokhelwa kwentela yesikhashana kwenziwa ngokubonelela isilinganiso sengeniso okumele likhokhelwe intela, elingaphansi kwenani lokuqala , kumele kwenziwe isicelo kanye nencazelo. Ifomu lesicelo sentela le-IRP 6 kwisikhathi sokuqala, libandakanya incazelo yaleso sicelo. Uma abe-SARS benganelisekanga, kungecelwa isilingeniso esibuyekeziwe.
Ukugwema ukukhokhiswa ama-penalty kanye nenzalo, qinisekisa ukuthi amafomu e-IRP 6 ayafakelwa kwihhovisi elifanele legatsha le-SARS kungakafiki isikhathi sokukhokhwa kwentela. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi isicelo sakho samukelwe nokubonelelwa kusenesikhathi.
Manje isigaba semali okumele ikhokhwe kwifomu le-IRP 6 sithokalala kwelinye ikhasi eliseceleni. Ifomu lakho lokukhokha lingafakelwa lodwa kunemali ekhokhwayo.
Umnyango wezentela usungula I service standard ezokungeniswa eminyakeni emibili elandelayo.
Uma ucele omunye umuntu ukuthi akwelekelele ukufaka isaziso sakho sentela, kumqoka ukuthi wazise ihhovisi lomnyango wezentela kahulumeni. Loku kwenzalwa ukuvikela wean ukuze kuqinisekiswe ukuthi umnyango wezentela awukhiphi izimfihlo zakho eziqondene nawe kuphela.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
